Thursday 13 February 2014

working title: reminiscence. presence and dreams of the future

Ok! Ok, its been a while since I put probably my feeble thoughts to keypad.....
I am tempted to write in isiZulu, I feel English has taken over my life, my thoughts, my views, my dreams and prayers. So today I chose to dance with my mother tongue.... here goes !!! Wish me all the best.... Hope I don't step on her toes...

Lolusuku lwanamuhla lungikhumbuza an eclipse ( oh oh here goes Mr English forcing his entry...) ngixolele. well lungikhumbuza unyaka ka 1992 ngise Whetstone Primary school, unyaka lapho indlela yami yangicacela. Ngangihleli eklasini ngilalele uThisha ekhuluma ngescience,  ngikhumbula ukuthi imicabango yami yayingekho lapho yayizulile isemaphuphweni ami. Ngisahleli kulesisimo semicabango ngikhumbula ngibuka ngaphandle kwe fastela. O amehlo ami ayengakaze ayibone into efana nale. Kwakusemini kodwa ubumnyama bongamele usuku. Inhliziyo yami yayithukile, umqondo wami omncane udidekile namehlo ami abuthaka engazi noma asefinyelele ekugcineni kwempilo yawo...
Lokhu kwangishaqisa ngezwa ngifikelwa ukwesaba. Ngaqala ngathandaza umthandazo omncane owawuthi " uma Nkosi usuzolanda ibandla lakho ngicela ungangikhohlwa nami" Ngamcela uNkulunkulu ukuthi angixolele kuzo zonke izono zami. Ngalesosikhathi zazibukeka zinkulu kuneminyaka yami kodwa uma ngibheka emuva, isono sami kwakunguvalo ngoba ngalolosuku ngalwamukela loluvalo lwaba inxenye yempilo yami. Sekuyiminyaka ngilwisana naloluvalo nokwesaba...

Uvalo lokungafinyeleli lapho uMvelinqangi angibizele khona ngenxa yokona, uvalo lokungaphumeleli ngenxa yenvelaphi yami, uvalo lokuzenyeza, uvalo lokukhuluma okufiswa inhliziyo yami, uvalo lokungafinyeleli emaphuphweni ami, uvalo lokushiyeka ngedwa ngasemuva, uVALO LOKUVUMA INDLELA YAMI...

Iminyaka isidlulile selokhu lobumnyama bavakashela impilo yami. Okuningi kwenzekile mhlawumbe kuqhutshwa ukwesaba kwami kodwa uMusa Womdala Wezinsuku awuzange uvume lokhu kwesaba kuyithabathe impilo yami. Loluvalo lunginika amandla okubuza imibuzo eminingi esemqondweni yami ngendlela ehlukile nejulile., Angimemezi kakhulu ngomlomo wami ngenxa yokwesaba ukuthi ngingahle ngizithole ngisenkingeni kodwa ngimemeza ngezandla nangezinyawo zami khona uma kukhona omelene nokumemeza kwami kungalula kuye ukuthi acabange ukuthi lokumemeza kwami okomuntu ongenamqondo....

Bese ngiyazibuza, buyini ubudlelwane bokuKhanya nobuMnyama, ubudlelwane bokunqoba nokwehluleka, ubudlelwane bobuvaka nobuqhawe, ubudlelwane bokwesaba nesibindi.... Izwi elincane elijwayele ukungivakashela liyangiphendula lithi "ukuze kubatshazwe amandla akhe"



...........mmmmh now that is Courage!!!